lsiZulu Sethu siwuchungechunge (series) lwezincwadi ezihlelelwe amabanga 10, 11, 12. Zimbili izincwadi kulelo nalelo banga: lncwadi yoMfundi ( Learner Book) nencwadi kaThisha. Zombili lezi zincwadi zibhalwe zahambisana nesiTatimende sikaZwelonke senQubo mgomo yokuFunda nokuHlola (CAPS). Nakuba lezi kuyizincwadi zolimi, kepha zibhalwe ngendlela yokuba zisabalalele nakwezinye izifundo nemikhakha eyehlukene ethinta impilo yomfundi. Ngaleyo ndlela umfundi akagcini nje ngokuzuza amakhono olimi kodwa uzuza namanye amakhono amaningi ayomenza ukuba akwazi ukuziphilisa futhi aphilisane kahle nabanye abantu. Kuningi uthisha nabo abazokuzuza kweyabo. Bafakelwe konke okufanele bakwazi ngenqubo mgomo yesiTatimende sikaZwelonke yokuFunda nokuHlola (CAPS). Ukuhlola kufakiwe, nesibonelo sokurekhoda nokubika ngentuthuko yomfundi. Kukhona ngisho nohlelo lomsebenzi wonyaka wonke ( Work Schedule) nesibonelo sokulungiselela isifundo (Lesson Plan). Uthisha lapha angasilandela lesi sibonelo noma azenzele naye ngamanye amaphuzu uma ebona.
IsiZulu Sethu Ibanga 10 Incwadi Kathisha
R169,00 Original price was: R169,00.R145,00Current price is: R145,00.
Pay in flexible instalments over 3, 4 or 6 months with Stitch Buy Now Pay Later.
Estimated delivery dates: Monday 9. March - Monday 16. March
SKU: 9780796053244
Category: Uncategorized
Tag: IsiZulu Sethu Ibanga 10 Incwadi Kathisha
Brand: Shuter and shooter
Be the first to review “IsiZulu Sethu Ibanga 10 Incwadi Kathisha” Cancel reply
Related products
-9%
-10%
-11%
-9%
-9%
-9%
-10%
-11%



Reviews
There are no reviews yet.