IsiZulu Sethu siwuchungechunge (series) lwezincwadi ezihlelelwe
amabanga 7, 8 no 9. Zintathu izincwadi kulelo nalelo banga: Incwadi
yoMfundi, incwadi Yokufunda nencwadi kaThisha. Zontathu lezi zincwadi
zibhalwe zahambisana nesiTatimende sikaZwelonke senQubo mgomo
yokuFunda nokuHlola (CAPS). Nakuba lezi kuyizincwadi zolimi, kepha
zibhalwe ngendlela yokuba zisabalalele nakwezinye izifundo nemikhakha
eyehlukene ethinta impilo yomfundi.
Ngaleyo ndlela umfundi akagcini nje ngokuzuza amakhono olimi kodwa
uzuza namanye amakhono amaningi ayomenza ukuba akwazi ukuziphilisa
futhi aphilisane kahle nabanye abantu.
Kuningi othisha nabo abazokuzuza kweyabo. Bafakelwe konke okufanele
bakwazi ngenqubo mgomo yesiTatimende sikaZwelonke yokuFunda
nokuHlola (CAPS). Ukuhlola kufakiwe, amarubhrikhi okumaka nesibonelo
sokurekhoda nokubika ngentuthuko yomfundi.
Kukhona ngisho nohlelo lomsebenzi wonyaka wonke (Work Schedule)
nesibonelo sokulungiselela isifundo (Lesson Plan), esihambisana nohlaka
uthisha angalusebenzisa esenza amalungiselelo esifundo. Uthisha lapha
angasilandela lesi sibonelo noma azenzele naye ngamanye amaphuzu
uma ebona.
IsiZulu Sethu Ibanga 7 Incwadi Yokufunda
R76,52 Original price was: R76,52.R66,09Current price is: R66,09.
Estimated delivery dates: Thursday 5. March - Thursday 12. March
SKU: 9781920605575
Category: Reader-Core
Tag: IsiZulu Sethu Ibanga 7 Incwadi Yokufunda
Brand: Shuter and shooter
Be the first to review “IsiZulu Sethu Ibanga 7 Incwadi Yokufunda” Cancel reply
Related products
-16%
-14%
-14%
-14%
-14%
-14%
-14%
-14%



Reviews
There are no reviews yet.