lsiZulu Sethu siwuchungechunge (series) lwezincwadi ezihlelelwe amabanga 7, 8 no 9. Zintathu izincwadi kulelo nalelo banga: lncwadi yoMfundi, incwadi Yokufunda nencwadi kaThisha. Zontathu lezi zincwadi zibhalwe zahambisana nesiTatimende sikaZwelonke senQubo mgomo yokuFunda nokuHlola (CAPS). Nakuba lezi kuyizincwadi zolimi, kepha zibhalwe ngendlela yokuba zisabalalele nakwezinye izifundo nemikhakha eyehlukene ethinta impilo yomfundi. Ngaleyo ndlela umfundi akagcini nje ngokuzuza amakhono olimi kodwa uzuza namanye amakhono amaningi ayomenza ukuba akwazi ukuziphilisa futhi aphilisane kahle nabanye abantu. Kuningi othisha nabo abazokuzuza kweyabo. Bafakelwe konke okufanele bakwazi ngenqubo mgomo yesiTatimende sikaZwelonke yokuFunda nokuHlola (CAPS). Ukuhlola kufakiwe, amarubhrikhi okumaka nesibonelo sokurekhoda nokubika ngentuthuko yomfundi. Kukhona ngisho nohlelo lomsebenzi wonyaka wonke (Work Schedule) nesibonelo sokulungiselela isifundo (Lesson Plan), esihambisana nohlaka uthisha angalusebenzisa esenza amalungiselelo esifundo. Uthisha lapha angasilandela lesi sibonelo noma azenzele naye ngamanye amaphuzu uma ebona.
IsiZulu Sethu Ibanga 9 Incwadi Yokufunda
R104,35 Original price was: R104,35.R89,57Current price is: R89,57.
Estimated delivery dates: Thursday 5. March - Thursday 12. March
SKU: 9781920605650
Category: Reader-Core
Tag: IsiZulu Sethu Ibanga 9 Incwadi Yokufunda
Brand: Shuter and shooter
Be the first to review “IsiZulu Sethu Ibanga 9 Incwadi Yokufunda” Cancel reply
Related products
-14%
-14%
-14%
-14%
-14%
-14%
-14%
-14%



Reviews
There are no reviews yet.