lzibalo ze-Top Class zakhelwe phezu kweSitatimende Sikazwelonke seNqubo Mgomo Yokufundisa Nokuhlola. lzibalo zeTop Class emaBangeni aPhansi (Foundation Phase) zithuthukisa imicabango nezithombe zezibalo, amakhono nolwazi ngokukhuthaza ukuxazululwa kwezinkinga, ukucubungula nokucabangisisa okuhlose ukwakha. Uchungechunge lwalezi zincwadi zezibalo lwelekelela umfundi ukuba axhumanise izibalo kanye nalokho ahlangabezana nakho nsuku zonke. lmisebenzi umfundi ayenza eyedwa kanye naleyo ayenza ebambisene nabanye, yelekelela umfundi ukuba akhule aze afinyelele Ezinhlosweni zakhe ezibanzi kanye nalezo Eziqondwe Ngqo yizibalo njengoba ziqukethwe emqulwini weSitatimende Sikazwelonke seNqubo Mgomo Yokufundisa Nokuhlola. Okunye futhi ngukuthi izindawo lapho kubhekwe khona kakhulu ngumongo, yimithombo emihle eveza amathuba ehlukene okwenza izibalo kanye nezibalo zekhanda.
lzinto ezakha ibanga ngalinye. lncwadi KaThisha: • Umsebenzi oxhumene kahle womntwana nokaThisha. • lziqondiso ezicacile zezinhlelo zokufundisa. • Amanothi esengezo kanye nezinye izinto eziphathekayo zokwelekelela. • lmisebenzi enengcebo neyenabile. • Ulwazi magama oludingekayo lukhonjisiwe.
lncwadi Yomfundi: • lmisebenzi esezingeni lomfundi nethokozisayo imnika umdlandla umfundi wokuba abe yingxenye yalokho okwenziwayo. • lmisebenzi eminingi nemihle ihambisana neSitatimende sikaZwelonke seNqubo Mgomo yokuFundisa nokuHlola. • lmisebenzi ivumelana nesimo sendawo yomfundi. • lnemisebenzi ehlomisayo neyenabile. • Ulimi lusezingeni elihle. • Kukhona nemisebenzi yokuhlola nokugxilisa. • Kunokuhleleka okuhle komsebenzi kanye nemidwebo ekhangayo.
lncwadi Yokusebenzela: • lmisebenzi emihle nesezingeni lomfundi iyakhuthaza inike nomdlandla. • lmisebenzi eminingi emihle ihambisana neSitatimende sikaZwelonke seNqubo Mgomo yokuFundisa nokuHlola. • lmisebenzi ivumelana nesimo sendawo yomfundi. • lnemisebenzi ehlomisayo neyenabile. • Ulimi lusezingeni elihle. • Kukhona nemisebenzi yokuhlola nokugxilisa. • Kunokuhleleka okuhle komsebenzi kanye nemidwebo ekhangayo
Shuters Top Class Ukwazi Izidingo Zempilo Ibanga 3 Incwadi Yomfundi
R104,35 Original price was: R104,35.R90,43Current price is: R90,43.
Estimated delivery dates: Wednesday 4. March - Wednesday 11. March
SKU: 9780796045164
Category: IsiZulu
Tag: Shuters Top Class Ukwazi Izidingo Zempilo Ibanga 3 Incwadi Yomfundi
Brand: Shuter and shooter
Be the first to review “Shuters Top Class Ukwazi Izidingo Zempilo Ibanga 3 Incwadi Yomfundi” Cancel reply
Related products
-13%
-14%
-13%
-14%
-14%
-14%
-14%
-14%



Reviews
There are no reviews yet.